Amalayisensi okushayela akhishwe ngamanye amazwe avunywa eMzansi azoshintshwa abe ngamakhadi uma abawaphethe befaka isicelo selayisensi yaseMzansi ngokulandela umthetho wezinqola ezihamba emgwaqweni ka 1996.
Isicelo sokushintsha iphomede yakwamanye amazwe kumele iphelezelwe yilayisensi yokushayela ekhishwe yilelozwe.
Ilayisensi yakwamanye amazwe noma iphomede yakwamanye amazwe ingashintshwa ukuze ibe ngeyaseMzansi uma ofaka isicelo eyisakhamuzi sakuleli noma enephomede yokuhlala njalo.
Ilayisensi yankulelinye izwe kumele ibe ngesebenzayo ngosuku ishintshwa kanti futhi kumele ibe ibhalwe ngolunye lwamalimi asemthethweni akuleli. Uma kungenjalo isicelo kumele size nehumusho oluvela kumuntu owaziyo.
umazisi omukelekile eMzansi, njengomazisi, umazisi owokwesikhashana, ipasipoti yaseMzansi, noma ipasipoti yakwelinye izwe ihamba nephomede yokuhlala eMzansi incwadi evela kusiphathimandla esaziwayo ifakazela ukuthi lelayisensi yakwelinye izwe iyasebenza, lencwadi kumele isho isigaba selayisensi ilayisensi yakwelinye izwe izithombe ezingezona zombala zencwadi yomazisi ezine khokha imali enqunyiwe.
Uzohlolwa amehlo ngaphambi kokuba ilayisensi yakho ishintshwe.
Isaziso: ungeke udinge ukuthi ubhale uhlolo lwelayisensi yokushayela. Uzonikezwa ilayisensi yokushayela okwesikhashana ezophela emuva kwezinyanga eziyisithupha ngaphandle kokukhokha.
